Ingosi Yokulanda Amafayela Yakwa-Microsoft Usizo
On This Page
Lokho Okufanele Ukwazi Ngokuvuselelwa Kwe-software
U-Microsoft uzibophezele ekuhlinzekeni amakhastoma akhe ngesofthiwe esihlolelwe ukuphepha nokuvikeleka. Phezu kokuba alukho uhlelo oluvikeleke ngokuphelele, sisebenzisa izinqubo zabantu, ubuchwepheshe kanye namathimba amaningana agxile ngokukhethekile ngenhloso yokuphenya, ukulungisa nokufunda ngezinkiga zezokuvikeleka ukuze sisizakale ekuhlangabezaneni nale njongo kanye nokuhlinzeka imikhombandlela kumakhastoma yokuthi angazivikela kanjani. Njengengxenye yenqubo yokukhulula ka-Miceosoft, yonke isofthiwe ekhululelwe Isikhungo Sokulanda ihlolelwa i-malware (izinhlelo eziyingozi) ngaphambi kokuba ikwazi ukutholakala ukuba ilandwe wumphakathi. Ngaphezu kwalokho, emva kokukhululwa, isofthiwe etholakala esikhungweni sokulanda ihlolelwa noma nini i-malware. U-Microsoft uyazi ukuthi isimo sobungozi sihlala sishintsha futhi sizoqhubeka nokuguquguquka ngokuqhubeka kwesikhathi, ngakhoke sizibophezele ekwenzeni ngcono izinqubo ezizosisiza sivikele amakhastoma ethu ezingozini ze-malware.
Ingosi Yokulandwa Kwamafayela Yakwa-Microsoft iwumthombo owusizo kakhulu wokuthola amafayela athile nathandwayo, kuhlanganise nezivuseleli ze-software. Nokho, indlela elula ukuzedlula zonke yokugcina ikhompuyutha yakho ihambisana nesikhathi ngezivuseleli ze-software ezibaluleke kakhulu zamuva ingokusebenzisa le mithombo ewusizo yezivuseleli:
| • | Isivuseleli Sakwa-Microsoft
Ingosi Ye-intanethiYesivuseleli Sakwa-Microsoft iskena ikhompuyutha yakho futhi ituse izivuseleli ongase uzidinge ze-Microsoft Windows, Microsoft Office nezinye izinhlelo. |
| • | Izivuseleli Ze-Windows Ezizenzekelayo
Uhlelo Lwezivuseleli Ezizenzekelayo lungahlelwa ukuze lulande futhi luzifakele ngokwalo izivuseleli ezibalulekile ngokushesha nje lapho sezitholakala. Funda okwengeziweeNgosini ye-Intanethi ethi Vikela iPC Yakho. |
Indlela Yokuthola Amafayela Alandwayo
Uma ungathanda ukuba u-Microsoft akuskenele ikhompuyutha yakho futhi akutusele izivuseleli, sicela ubheke ingxenye eyandulele. Uma ungathanda ukucinga amafayela athile ngokukhethekile ofuna ukuwalanda, sebenzisa enye yalezi zindlela ezimbili.
1. | Khetha Amafayela Alandwayo Athandwa Kakhulu
Amafayela alandwayo athandwa kakhulu esigabeni ngasinye seNgosi Yokulandwa Kwamafayela ahlelwe emakhasini okuqala alezo zigaba (ngokwesibonelo: Imidlalo, iDirectX, ne-Intanethi). Chofoza ilinki ethi "Bheka Amanye Amafayela Alandwayo Athandwa Kakhulu" ngaphansi kohlu ngalunye oluthi "Amafayela Alandwayo Athandwayo" ukuze uthole uhlu oluphelele lwamafayela alandwayo, alandelaniswe ngokuthandwa kwayo.
|
2. | Cinga
Ithuluzi lokucinga likuvumela ukuba ucinge igama eliyisihluthulelo noma umkhiqizo/isigaba, bese linikeza uhlu lwemiphumela ngokulandelana kokuvakashelwa kwawo. | • | Ukuze ucinge ngegama eliyisihluthulelo, thayipha amagama ebhokisini lokufakwa kombhalo. | | • | Ukuze unciphise isilinganiso sokucinga ngegama-sihluthulelo, khetha umkhiqizo noma isigaba ohlwini, bese ufaka noma yimaphi amagama ayizihluthulelo. | | • | Ukuze kufakwe lonke uhlu lwawo wonke amafayela alandwayo ngazo zonke izigaba, ungakhethi umkhiqizo/isigaba futhi ungawafaki amagama ayizihluthulelo. |
Uma ukucinga ngegama eliyisihluthulelo kuveza imiphumela embalwa, hlola ispelingi sakho, zama amagama-sihluthulelo ahlukile, noma wandise izinga lokucinga kwakho kuyo yonke Ingosi Yamafayela Alandwayo. |
Awukutholi Okufunayo?
Uma ungayitholi ifayela ethile oyifunayo, kungenzeka uyithole kwenye inkampani okungeyona eyakwa-Microsoft. Izibonelo ezithandwayo zihlanganisa i-Adobe Reader, i-Macromedia Shockwave nezidlali ze-Flash kanye ne-software ye-Java. Ukuze uthole amalinki amanje akusa kulamafayela alandwayo eziNgosini zawo ze-intanethi, sebenzisaMicrosoft.com Search. Uma uqiniseka ukuthi ifayela ethile ofuna ukuyiphaka ingeyakwa-Microsoft futhi ungenakuyithola eNgosini Yokuphakwa Kwamafayela noma ngamasevisi ethu okuzivuselela, sicelau-Xhumane Nathi.
Lokho Ozokuthola Emakhasini Okulandwa Kwamafayela
Lapho uchofoza isihloko sokuphaka eNgosini Yokulanda, uzoqondiswa ekhasini leminininingwane yokuphaka laleyo fayela ofuna ukuyilanda. Iningi lalawa makhasi lilandela ifomathi evamile futhi lihlanganisa iningi—uma kungezona zonke—zalezi zingxenye:
1. | Ukwaziswa Okusheshayo
Ibhokisi elithi "Ukwaziswa Okusheshayo" liqukethe ukwaziswa okuwusizo okufingqayo, kuhlanganisa negama kanye nosayizi wefayela ephakwayo kanye nosuku lokushicilelwa kwayo. |
2. | Inkinobho noma Ilinki Yokulanda Ifayela
Uzobona inkinobho noma ilinki ethiLanda engxenyeni engenhla yesokudla ebhokisini elithi "Ukwaziswa Okusheshayo". Chofoza le nkinobho noma ilinki ukuze uqale ukulanda ifayela. Lapho okulandayo kunamafayela amaningi, uzothola ilinki ekusa ohlwini lwamafayela atholakalayo. |
3. | Shintsha Ulimi
Ezimweni eziningi, khona kanye ngezansi kwebhokisi elithi "Ukwaziswa Okusheshayo" uzothola uhlu olukhonjwe ngomabhekezansi lapho ungase ukwazi khona ukukhetha olunye ulimi ngaphandle kwesiNgisi. Phawula ukuthi amanye amafayela alandway awatholakali ngazo zonke izilimi. Ngaphezu kwalokho, akuwona wonke amafayela angesona isiNgisi ahambisana namakhasi anemininingwane ehunyushiwe. Ngenxa yalokho, ungase uthole izincazelo kanye neziyalezo zesiNgisi emakhasini amafayela angewona awesiNgisi. |
4. | Amabalengwe
Ingxenye ethi "Amabalengwe" ihlanganisa incazelo emfushane yezinto ezidingidwa yifayela ephakwayo nezinzuzo ezitholakalayo. |
5. | Izimfuneko Zesistimu
Ngaso sonke isikhathi hlola ingxenye ethi "Izimfuneko Zesistimu" ukuze uqinisekise ukuthi ikhompuyutha yakho iyavumelana nefayela futhi inesikhala esanele sokufaka nokurana ifayela oyilandile. Le ngxenye ingase futhi inikeze uhlu lwama-software adingekayo nom atusekayo. |
6. | Iziyalezo
Hlaziya ingxenye ethi "Iziyalezo" ngaphambi kokuba uchofoze inkinobho ethiLanda ngaleyo ndlela ulungele noma yiziphi izinyathelo okungase kudinge uzilandele. |
7. | Amafayela Alandwayo Anezingxenye Eziningi
Uma ubona ithebula liveza uhlu lwamafayela anezingxenye eziningi ezilandwayo, kusho ukuthi ifayela elandwayo inkulu kakhulu kangangokuba kuze kwadingeka ukuba iklaywe ibe yizingxenye eziningi ukuze zilandwe ngezikhathi ezihlukile. |
8. | Lokho Abanye Abakulandayo
Ngezinye izikhathi kungaba usizo ukubheka ukuthi yini abanye abayilandile okungenzeka ihlobane nefayela oyilandayo. Ngenxa yalokho, ungase ukwazi ukubona ukuthi yina abanye abantu abaye bayilanda abaye balanda ifayela esekhasini omatasa nalo. |
9. | Ukwaziswa Okwengeziwe
Sihlinzeka ngokunye ukwaziswa okungenzeka kuhlobene ngokuqondile nefayela oyiphakayo manje noma, njengasesibonelweni sokwaziswa kwezivuseleli zokuphepha, okuqondiswe ukukusiza ukuba ugcine isistimu yakho isebenza ngokuphepha. |
10. | Imithombo Ehlobene
La malinki akusa ekwazisweni kwendlela yokwenza, amaqembu ezindaba, izinto eziyisipesheli kanye neminye imithombo ehlobene nefayela oyiphakayo oyikhethile. |
Maqondana Namafayela Alandwayo e-Windows Genuine Advantage
Ungase uphawule ukuthi amanye amafayela aphakwayo ane-ayikhoni eduze kwegama lawo eNgosini Yokulandwa Kwamafayela. La mafayela alandwayo ananengxenye egqanyisiwe yokufakazelwa kwe-Windows ngezansana nje kwebhokisi elithi "Ukwaziswa Okusheshayo" emakhasini emininingwane yokulanda. La mafayela alandwayo ayingxenye yohlelolwe-Windows Genuine Advantage, olwakhiwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzisi be-Windows bathola zonke izinzuzo zokusebenzisa amakhophi asemthethweni, anamalayisensi e-Windows. Ukuze ukwazi ukungena emafayelini e-Windows Genuine Advantage, landela le nqubo efanele:
| • | Uma Ubona Inkinobho Noma Ilinki Yokuphakwa Kwamafayela
Chofoza le nkinobho noma ilinki ukuze uqale ukulanda ifayela. |
| • | Uma Ubona Inkinobho Noma Ilinki Yokuphakwa Kwamafayela
Chofoza inkinobho noma ilinki bese ulandela iziyalezo ezinikeziwe. Ngemva kwenqubo yokuyifakazela, uzobuyiselwa ekhasini lemininingwane lokuphakwa kwamafayela ngenkinobho ethi Landa ebonisiwe. Uma i-Windows ingenakufakazelwa, uzothola iziyalezo ezengeziwe. |
Ukufaka Amafayela Alandiwe
Ngaphambi kokuba usebenzise noma iyiphi i-software oyiphakile, kumelwe uyifake (install) kuqala. Ngokwesibonelo, uma ulanda isivuseleli sezokuphepha, kodwa ungasifaki, isivuseleli ngeke siyivikele ikhompuyutha yakho.
1. | Gcina bese Ufaka
Landela lezi zinyathelo ukuze ugcine futhi ufake ifayela oyilandile: 1. | Chofoza inkinobho ethiLanda ekhasini lemininingwane yokuphakwa kwamafayela. | 2. | Ibhokisi ledayalogu lizovuleka. Chofoza inkinobho ethiGcina . | 3. | Uzoqhutshezelwa ukuba ukhethe indawo ekhompuyutheni yakho lapho uzogcina khona ifayela oyilandile. Khetha indawo efanelekile bese uchofoza inkinobho ethiGcina . | 4. | Uma sekuphothuliwe ukulandwa kwefayela, uzobona ibhokisi lesibili ledayalogu. Uma ufuna ukufaka ifayela ngokushesha, chofoza inkinobho ethiVula . Lokhu kuzokuvulela iwizadi yokufaka. | 5. | Uma ungafuni ukufaka ifayela ngokushesha, chofoza inkinobho ethiVala . Lapho usukulungele ukufaka ifayela oyilandile, chofoza kabili efayeleni ukuze uqalise iwizadi yokufaka. |
QaphelaUma ugcina ifayela yokulanda, qiniseka ukuthi indawo oyifaka kuyo uzoyikhumbula kamuva lapho ufuna ukufaka ifayela elandiwe. Sisikisela ukuba wakhe ifolda ekhethekile esendlalelweni sakho (desktop) lapho uvame ukugcina khona amafayela owaphakile. Landela lezi zinyathelo ukuze wakhe leyo folda yamafayela alandiwe: 1. | Chofoza inkinobho yesokudla endaweni engasetshenzisiwe yesendlalelo sakho. | 2. | Khomba kuOkusha bese uchofozaIfolda. | 3. | Yiphe igama ifolda elinjengelithi "Amafayela Ami Engiwalandile." |
|
Maqondana Namafayela Aphakwa Emhlabeni Wonke
UMicrosoft uthumela amafayela aphakwayo ngezilimi ezingaphezu kuka-30 emhlabeni wonke. Amacebiso akule ngxenye ayokusiza ukuba uthole amafayela aphakwa emhlabeni wonke.
Indlela Yokuthola Amafayela Aphakwa Emhlabeni Wonke
Unezindlela ezimbili eziyinhloko zokuthola amafayela aphakwa emhlabeni wonke.
1. | Vakashela Ingosi Yokuphakwa Kwamafayela Emhlabeni Wonke 1. | ChofozaAmafayela Aphakwa Emhlabeni Wonke kwimenu engakwesobunxele seNgosi Yokulandwa Kwamafayela. | 2. | Chofoza ulimi oluboniswe ohlwini. Uzoya ekhasini lokuqala leNgosi Yokulandwa Kwamafayela Emhlabeni Wonke, lapho ungapheqa khona futhi ucinge amafayela atholakalayo ongawaphaka ngolimi olukhethile. |
QaphelaAmakhasi emininingwane yokuphaka ezingosini ze-Intanethi zeNgosi Yokulandwa Kwamafayela ayaboniswa ngolimi olufanele lapho kungenzeka khona. Nokho, uma imininingwane ekhethekile yolunye ulimi olungesona isiNgisi ingatholakali, leyo mininingwane izoboniswa ngesiNgisi. Uma ifayela ephakwayo ngokwayo ingatholakali ngalolo limi olukhethekile, ngeke ivele engosini yomhlaba wonke oyikhethile. |
2. | Khetha Ukuphakwa Kwamafayela Komhlaba Wonke eNgosini Yolimi LwesiNgisi 1. | Bheka khona kanye ngezansi kwebhokisi elithi "Ukwaziswa Okusheshayo" ekhasini lemininingwane yokulanda amafayela ukuze uthole uhlu olukumabhekezansi oluphawulwe ngokuthi "Shintsha Ulimi." | 2. | Khetha ulimi olufunayo bese uchofoza ininobho ethiShintsha . |
QaphelaUhlu olukumabhekezansi oluthi "Shintsha Ulimi" luvela kuphela lapho uhlelo lomhlaba wonke lwefayela ephakwayo lutholakala. Uma uhlu lungatholakali, ifayela ephakwayo ayikabi khona ngezinye izilimi ezingesona isiNgisi. Uma ubona uhlu olukumabhekezansi, kodwa ungaluboni ulimi olufunayo lufakwe ohlwini, leyo fayela ayikatholakali ngalolo limi. Uhlelo Olulodwa LwesiNgisi Manje Luyasekelwa
INgosi Yokulandwa Kwamafayela manje ihlanganisa wonke amafayela aphakwa ngesiNgisi abe yiNgosi Eyodwa Yokulandwa Kwamafayela "YesiNgisi". Manje asisahlinzeki ngezingosi ezihlukene zokulanda amafayela ngesiNgisi sase-United States, esase-United Kingdom, esase-Australia nesase-Canada. |
Ukugwebula Inqubo Yokulanda Amafayela
Ungase ubhekane nalezi zinkinga eNgosini Yokulandwa Kwamafayela. Zama ukulandela lokhu kusikisela ukuze ubhekane nalezi zinkinga ezingase ziphakame.
Sula Ingobolwazi Yesikhashana
Uma ungenakukwazi ukuphothula ukuphaka ifayela, kungenzeka udinga ukusula ingobolwazi yesikhashana kwi-Microsoft Internet Explorer, ongakwenza ngokulandela lezi zinyathelo:
1. | Kwimenu ethiAmathuluzi kwi-Internet Explorer, chofozaOkukhethwa Kukho Kwe-Internet bese uchofozai-tab ethi Okuvamile . |
2. | Engxenyeni ethiAmafayela Esikhashana E-Internet chofoza u-Sula Amafayela bese uchofoza inkinobho u-Kulungile uma ufuna ukuthulula wonke amafayela esikhashana engobolwazi yakho. |
3. | Engxenyeni ethiAmafayela Esikhashana E-Internet chofoza u-Amasethingi. Ebhokisini ledayalogu elithiethiAmasethingi khetha okuthiIsikhathi ngasinye uvakashela ikhasi. Khona setha usayizi wefolda ethiAmafayela Esikhashana E-Internet ube usayizi omkhudlwana kunalokho ohlose ukukulanda. Ngokulandelayo, chofoza inkinobho ethiHlola Amafayela . |
4. | Esibonisini esithi esivulekayo esithi Amafayela Esikhashana E-Internet vula imenu ethi Hlela bese uchofoza u-Khetha Konke.. Cindezela u-SUSA. Uma ubuzwa ukuthi ungathanda yini ukusula wonke amakhukhi owakhethile, chofoza u-Yebo. Chofoza izinkinobho ezithiKulungile uze ubuyele kwi-tab ethiOkuvamile . |
5. | Engxenyeni ethiUmlando ye-tab ethi Okuvamile chofoza okuthiSula Umlando bese uchofoza u-Yebo. Uma ubuzwa ukuthi ungathanda yini ukusula umlando wezingosi ze-Intanethi ozivakashele, chofoza u-Kulungile. |
Ukuqedwa Kokuxhumana
Esinye isizathu esingabangela ukuba isistimu yakho ingaqedi ukulanda amafayela owaphakayo kungaba ukuthi okuhlinzeka ngamasevisi e-Intanethi (ISP) angase anqamule ukuxhumana kwakho ne-Intanethi ngokuzenzekelayo uma i-ISP ibona ukuthi ukuxhumana kwakho bekulokhu kungasetshenzisiwe okungenani imizuzu ethile. Sicela uxhumane ne-ISP yakho ukuze uvimbele ukunqanyulwa ngokuzenzekelayo kokuxhumana kwakho lapho ulanda (uphaka) amafayela.
Maqondana Namafayela Alandwayo Atuswayo
Situsa amaqoqo amafayela alandwayo angase akuthakazelise ngokusekelwe kulokho oye wakubona eSikhungweni Sokuphakwa Kwamafayela.
Ngokwesibonelo, uma uye wabona:
| • | Ama-video e-Xbox Anombala Ogqamile |
| • | I-MSN Messenger 7.0 for Windows |
| • | I-MSN Screen Saver (Beta) |
| • | I-Age of Mythology: I-Titans Expansion Trial Version |
Singase situse amaqoqo alandelayo amafayela aphakwayo:
| • | Xbox |
| • | I-MSN Messenger Service |
| • | I-MSN Premium Internet Software |
| • | I-Age of Mythology: |