Lesi sitatimende sokokwayo sisebenza kwiwebhusayithi ye-Microsoft, amasevisi kanye nemikhiqizo eqoqa imniningo kanye neveza lamagama, kanjalo namasevisi aseka umkhiqizo ku-offline. Ayisebenzi kumasayithi e-Microsoft, amasevisi kanye nemikhiqizo engaveli noma ilinki kulesi sitatimende noma enezitatimende zokokwayo zazo.
Uyacelwa buka izifingqo ngezansi bese uchofa ku "Funda Okuningi" ngemininingwane eminingi kwisihloko esithile. Ungakhetha futhi kwimikhiqizo esohlwini ngenhla ukubuka leso sitatimende sokokwayo somkhiqizo. Eminye imkhiqizo, amasevisi noma izinkombisa ezibaliwe kulesi sitatimende kungenzeka zingatholakali kwizimakethe zonke. Imininingwane eminingi ngokuzinekela kwe-Microsoft ukuvikela okokwakho itholakala ku http://www.microsoft.com/privacy.
Amasayithi amaningi e-Microsoft "ama-cookies," Amafayela emibhalo emincane engafundwa i-web server kwi-domain ebeka i-cookie kwi-hard drive yakho. Singasebenzisa ama-cookies ukugcina okuthandwa nguwe kanye nezinhlelo; ukusiza ungene; izikhangiso ezihlosiwe; nokubhekisisa imisebenzi yamasayithi.
Siphinde sisebenzise ama- web beacons ukusiza ukuletha ama-cookies futhi kuhlannganiswe ama-analytics. Lezi zingaphinde zihlanganise ama-web beacons engxenye yesithathu, evinjiwe ukuba iqoqe ulwazi lomuntu.
Unamathuluzi ayinhlobo zama-cookies kanye nama-technologies afanayo,kuhlanganisa:
Ukusetyenziswa kwama-Cookies
Amakhasi amaningi e-Microsoft asebenzisa ama-“cookies,” engama-files amancane abhaliwe afakwa kwi-hard disk yakho yi-Web server. Ama-Cookies abatha iminingwane ezithi emuva kwesikhathi ifundwe nga-Web server kwi-domain ekunikeze i-cookie. Umbhalo ohlezi unezintambo zezinombolo kanye nezinhlamvu eziveza ikhompyutha yakho, kodwa ingaquketha eminye imininingwane futhi. Lapha kunesibonelo sombhalo ogcinwe kwi-cookie i-Microsoft engathatha indawo kwi-hard disk Uma uvakashela enye yama webhusayithi ethu: E3732CA7E319442F97EA48A170C99801
Singasebenzisa ama-cookies ukuba:
Amanye ama-cookies esiwasebenzisayo abhaliwe eshadini elilandelayo. Loluhlu alupheli, kodwa luhlose ukuveza izizathu ezithile zokuhlela ama-cookies. Uma uvakashela ezinye zalama webhusayithi, amasayithi angahlela okunye noma konke okulandelayo kuma- cookies:
Ukunanela ama-cookies e-Microsoft angahleleka uma uvakashela amawebhusayithi, ama-third parties Anagahlela ama-cookies athile kwi-hard drive yakho uma uvakashela amasayithi e-Microsoft. Kwezinye izinkathi, yingoba siqashe ama-third party ukuba anikezele ngesevisi ethile esimele,njenge-site analytics. Kwezinye izinkathi,yingenxa yamakhasi ewebhu aqukethe okuqukethwe noma izikhangiso zakumar-third parties, njengamavidiyo, izindaba okuqukethwe noma izikhangiso ezethulwe amanye amanthiwekhi ezikhangiso. Ngenxa yokuba ibhurawuza ixhumana nale ye-third parties’ web servers ukulanda okuqukethwe, Lawo ma-third parties ayakwazi ukufunda ama-cookies awo kwi-hard drive yakho.
Uwaphatha kanjani ama-Cookies
Isibonelo, in Internet Explorer 9, ungawavimba ama-cookies ngokuthatha izinyathelo ezilandelayo:
Imialelo okuvimba ama-cookies kwamanye amabhurawuza ayatholaka e http://www.allaboutcookies.org/manage-cookies/.
Uma ukhetha ukwala ama-cookies, ungangakhoni ukubhalisela noma usebenzise ama-interactive features zekheli le-Microsoft nemisebenzi exhomekeke kuma-cookies, nentengiso ezikhethiweyo ezixhomekeke kuma-cookies zingangaholnipheki.
Imiyaelo yokucima ama-cookies kwamanye amabhurawuzai iyatholakala ku http://www.allaboutcookies.org/manage-cookies/.
Uma ukhetha ukucima ama-cookies, wonke ama-sttings nam-preferences aphethwe ngama-cookies, aquka nentengiso ezikhethiwe, zizocimeka futhi kungadingeka ukuthi zenziwe futhi..
Ukuphatha kwamabhurawuza e “Do Not Track” nawokuvikela ukutracker.Amanye amabhurawuza amasha afakwe kwizimiso ze “Do Not Track” . Okuningi kwalezimiso, ezivuliwe, zithumela uphawunoma okuthandwayo kuwebhusayithi Oyivakashele kuveza ukuthi awufisi ukuba ulandelwe. Lawo masayithi ayaqhubeka ukungenela kwimikhuba ongayibona noma usukukhombisile ukukuthnanda lokhu, Okuncike kwi-sites’ privacy practices.
Internet Explorer 9 inesimiso esibizwa Tracking Protection esisiza ukuvimba amawebhusayithi Ongena kuwo athumele imininingwane ngokuzenzekela e- third-party content providers. Uma wengeza i-Tracking Protection List, Internet Explorer izovimba okuqukethwe yi-third-party, Kuhlanganisa ama- cookies,kwisayithi esohlwini njengesayithi evinjiwe. Ngokunciphisa izingcingo kulamasayithi, i-Internet Explorer izolinganisa imininingwane amasayithi ze- third-party angaqoqqa ngawe. Futhi uma une-Tracking Protection List enabled, i-Internet Explorer izothumela i-Do Not Track signal Noma okuthandayo kwiwebhusayithi oyivakashelayo. Imininingwane ethe thuthu kwi-Tracking Protection Listsnokuthi ubathola kanjani, Uyacelwa bheka bheka i-Internet Explorer privacy statement or Internet Explorer Help.
Ukukhangisa ngamunye kwezinkampani kungaba nakho amandla okuphuma futhi nokuningi kokukhetha ukukhangisa. Njengokuba, i-Microsoft’s advertising preference kanye nokuphuma kuyatolakala ku http://choice.live.com/advertisementchoice/. Qaphel ukuthi ukuphuma akusho ukuthi uzoyeka ukuthola izikhangiso noma ubone idlanzana; kodwa, uma Uphuma, izikhangiso ngeke zisaqondiswa ngokunhloso yokwenza. Ukwengeza, ukuphuma akuvimbi imininingwane ukuba iqoqwe.
Ukusetshenziswa kwe-Web Beacons
amakhasi e-Microsoft Web angaba nemifanekiso e-electric eyaziwa njenge-Web Beacons – inokubizwa nge-single-pixel gifs –ezingasetyenziswa ukusiza ukuhambisa ama-cookies kwikhasi lethu asivumele ukuthi sibale abasebenzisi abakhe bavakashela lawomakhasi noku hambisa imisebenzi e-co-branded. Singafaka ama-Web beacons kuma-e-mail yemiyalezo yentengiso ukuzo sibone ukuthi imiyalezo ivuliwe bese yasetyenziswa.
Okokugcina, singasebenza nezinye inkampani ezithengisa kumakhasi we-Microsoft kuze sibeke ama-Web beacons kumakhasi wabo kuze sakhe ama-statistics ngokuzama ukubona ukuthi kucofwa kangakhi kwintengiso ezikwikhasi lakwa-Microsoft kuze kuthengwe noma kubekhoma umnyakazo kwikhasi lomthengisi.
u-Microsoft angasebenzisa ama-Web beacons auya kubalingani kuze basisize ukwenza ama-aggregated statistics amayelana nokusebenza kwama-campaigns wentengiso neminye imisebenzi kumakhasi ethu. Lama-web beacons ingavumela ingxenye yesithathu ukuhlela noma ukufunda i-cookie kwikhompyutha yakho. Siyavimba izingxenye zesithathu ukusebenzisa ama-web beacons kumasayithi ukuqoqa Noma ukungena kwimininingwane yakho. Nokho-ke, ungakwazi ukuphuma ekuqoqeni idatha noma isetshenziswe izinkampani ze-third-party analytics Ngokuchofa amalinki ngayinye elandelayo kuma-analytics providers:
Obunye ubuchwepheshe obufanayo
web beacons, Amawebhusayithi angasebenzisa obunye ubuchwepheshe ukugcin futhi ukufunda amafayela edatha Kwikhompyutha yakho. Lokhu kungenziwa ukugcina okuthandayo noma ukuthuthukisa Isivinini kanye nokwena ngokugcina amafayela athile endaweni. Kodwa-ke, ama cookies avamile, angasetshenziswa ukugcinai-id ehlukile yekhompyutha yakho Engasetshenziswa ukubheka ukwenza. Lobu chwepheshe buhlanganisa i-Local Shared Objects (noma "Flash cookies") kanye ne-Silverlight Application Storage.
Ama-Local Shared Objects noma "Flash cookies."Amawebhusayithi esebenzisa i-Adobe Flash technologies ingasebenzisa i-Local Shared Objects noma "Flash cookies" ukugcina idatha kwikhompyutha yakho. Qaphela amandla ukususa ama-Flash cookies anga noma angeke aphathwa Wuhlelo leibhurawuza yakho kumacookies avamile ngoba angahluka ngobubhurawuza. Ukuphatha noma ukuvimba ama-Flash cookies, iya ku http://www.macromedia.com/support/documentation/en/flashplayer/help/settings_manager.html.
I-Silverlight Application Storage.Amawebhusayithi asebenzisa i-Microsoft Silverlight technology anamandla okugcina idatha Ngokusebenzisa i-Silverlight Application Storage. Ukufunda ukuphatha noma ukuvimba okukugcina, vakashela Silverlight.
I-Microsoft iqoqa imininingwane eyizinhlobo nhlobo ukuze kusetshenzwe ngendlela futhi inikezele imikhiqizo emihle, amasevisi kanye nesipiliyoni.
Siqoqa imininingwane uma ubhalisa, ungene bese usebenzisa isayithi yethu kanye namasevisi. Singathola futhi imininingwane yakho kwezinye izinkampani.
Siqoqa imininingwane ngezindlela ezahlukile, kuhlanganisa nafomu ewebhu, ubuchwepheshe obunjenge cookies, i-web logging kanye ne- software kwikhompuyutha kanye nezinye izinhlelo.
I-Microsoft iqoqa imininingwane eyizinhlobo nhlobo ukuze kusetshenzwe ngendlela futhi inikezele imikhiqizo emihle, amasevisi kanye nesipiliyoni. Enye yalemininingwane oyinikezelayi uyiletha ngqo kuthi. Okunye kwayo siyithola ngokubuka ukuthi uxhumana kanjani nemikhiqizo yethu kanye namasevisi. Okunye kwakho kuyatholakala kweminye imithombo esiyihlanganisa nedatha esiyiqoqa ngqo. Ngaphandle komthombo, siyakholwa kubalulekile ukuphatha imniningwane ngokucophelela kanye nokusiza wena ugcine okokwakho.
Esikuqoqayo:
Sisebenzisa izindlela eziningi kanye nobuchwepheshe ukuqoqa imininingwane mayelana nokuthi uyisebenzisa kanjani isayithi kanye namsevisi, njenge:
yakwa-Microsoft isebenzisa imniningwane eqoqwayo ukusebenza, ukuthuthukisa kanye nokwenza kokwakho kwemikhiqizo kanye namasevisi esiwanikezelayo.
Singaphinde sisebenzise imininingwane ukuxhumana nawe, isibonelo, ukukwazisa mayelana ne-akhawunti yakho kanye nezengezo zokuqapha.
Futhi singasebenzisa imininingwane ukusiza senze izikhangiso ozibonayo kumasevisi asekela isikhangiso efanelekile.
I- Microsoft isebenzisa imniningwane eqoqwayo ukusebenza, ukuthuthukisa kanye nokwenza kokwakho kwemikhiqizo kanye namasevisi esiwanikezelayo. Imininingwane eqoqwe kwisevisi enye ye-Microsoft ingahlanganiswa nemininingwane eqoqiwe kwamanye amasevisi e-Microsoft ukukunika ukuzizwela okuhlangene futhi okokomuntu uqobo ekuxhumaneni kwakho nathi. Singagcwalisa futhi lemininingwane kwezinye izinkampani. Isibonelo, singasebenzisa amasevisi akwezinye izinkampani ukusiza ukuthola ulwazi lwendawo zokuhlala ezijwayelekile ngokubuka ikheli lakho le-IP ukuhlela amasevisi athile kwindawo yakho yokuhlala.
Singaphinde sisebenzise imininingwane ukuxhumana nawe, isibonelo, ukukwazisa mayelana nesivisi oyamukelayo isiphela, sikwazisa ukuthi izengezo zokuqapha ziyatholakala noma sikwazisa ukuthi yinini la udinga ukuthatha izinyathelo ukugcina i-akhawunti yakho isebenza.
I-Microsoft inikezela kumasayithi amaningi ethu kanye namasevisi mahhala ngenxa yokuba basekwe ukukhangisa. Ukuze kwenziwe lamasevisi atholakale yonke indawo, imininingwane esiyiqoqayo ingasetshenziswa ukusiza kuthuthukiswe ezokukhangisa ozibonayo ngokuzenza zifaneleke kuwe.
Ngaphandle njengokuba kuchaziwe kwisitimede sokokwakho, asidaluli imininingwane yakho koweqembuli lesithathu ngaphandle kwemvume yakho.
Uyacelwa buka Eminye Imininingwane Ebalulekile Yokokwakho mayelana nolwazi uma sidaula imininingwane, kuhlanganisa abaxhumana ne-Microsoft kanye nabathengisi; uma kudingwa umthetho noma ukuphendula kuhlelo lezomthetho; ukunqoba ukukhwabanisa noma ukuvikela okuthandwa yithi; noma ukuvikela izimpilo zethu.
Chofa lapha ngemininingwane ekwabelaneni noma ukudalula imininingwane yomuntu:
Amanye amasevisi e-Microsoft akunikeza ithuba lokubona noma ukushintsha imininingwane yakho online. Ukusiza ukuvikela imininingwane yakho epheqelezu ukuthi ingabonwa ngabanye, kuzofanela kuqala ukuthi ubhalise. Le(zi)ndlela zokungena kwiminingwane yakho zixhomekeke kumakhasi noma kwisevisi oyisebenzisile.
Microsoft.com - ungangena bese ulungisa i-profile yakho ku- Microsoft.com ngokuvakashela Microsoft.com Profile Center.
I-Microsoft Billing kanye namasevisi e-akhawunti - Uma unekheli le-Microsoft Billing, ungangezelela noma ushintshe iminingwane yakho kwi- Microsoft Billing web site ngokucofa kwi-link ye “Mininingwane yakho ephecelezu” noma “iminingwane ye-billing”.
I-Microsoft Connect - Uma ungumsebenzisi obhalisile we-Microsoft Connect, ungangena futhi utshintshe imininingwane yakho epheqelezu ngokucofa ku Manage Your Connect Profile kwikhasi le-Microsoft Connect Web.
Windows Live - Uma usebenzise imisebenzi ye-Windows, ungalungisa imininingwane ye-profile yakho, utshintshe isikhiya sakho, ubheke umazisi ohlukile ngemininingwane yakho, noma uvale amanye amakheli ngokuvakashela kwi-Akhawunti yamaSevisi.
I-Windows Live Public Profile - Uma wakhe i-profile yomphakathi kwi-Windows Live, ungakhona ukutshintsha nokucisha imininingwane kwi-profile yomphakathi ngokuya kwi-Windows Live Profileyakho.
Search Advertising - Uma uthenga i-search advertising kwi-Microsoft Advertising, ungabuka futhi utshintshe imininingwane yakho epheqelezu kwikheli le Microsoft adCenter Web site.
Microsoft Partner Programs - Uma ubhalise kwi Microsoft Partnet Programs, ungabuka futhi utshintshe i-profile yakho ngokucofa ku Manage Your Account kwi khasi le-Partner Program Web.
Xbox - Uma usebenzisa i-Xbox LIVE noma i-Xbox.com, ungabuka futhi utshintshe iminingwane yakho epheqelezu, kuquka imininingwane yekheli kanye ne-billing, ama-settings wemfihlo, ukuphepha kwe-online, nokwahlulelana ngemininingwane ngokungenakwi-My Xbox kuyona i-Xbox 360 console noma kwi-Xbox.com website. Ukuthola imininingwane ngekheli khetha i-My Xbox,Accounts. Ukuthola eminye imininingwane epheqelezu ngokwenziwa, khetha i-My Xbox, Profile bese Online Safety Settings.
Zune - Uma unekheli le-Zune noma i-Zune Pass subscription, ungabuka futhi utshintshe imininingwane yakho epheqelezu e-Zune.net (bhalisela, ungene kwi-Zune tag bese uye ku-My Account noma ngaphakathi kwi-Zune software,(bhalisela, ungene kwi-Zune tag bese ukhethe u-Zune.net profile.)
Makungenzeka ukuthi ungakhoni ukuthola imininingwane epheqelezu eqokelelwe ngakheli noma imisebenzi yakwa-Microsoft ngokuya kulamahleo aphezulu, lamakheli nalemisebenzi ingakunikeza indlela engenye yokuthola iminingwane yakho. Ungaxhumana ne-Microsoft ngokusebenzisa ifomu lewebhu. Sizophendula izicelo ukungena noma ukucima imininingwane yakho kungakapheli izinsuku eziwu 30.
Uma isayithi ye-Microsoft noma isevisi iqoqa ulwazi ngeminyaka, kuzovimba abasebenzisi abangaphansi kuka 13 noma kutholakale imvume kumzali noma umqaphi phambi kokuba umntwana ayisebenzise.
Uma imvume inikiwe, i-akhawunti yengane iphathwa njenganoma iyiphi i-akhawunti, kubalwa nokukwazi ukuxhumana nabanye abasebenzisi.
Abazali bangashintsha noma basuse imvume njengokuchazwa kwisitatimende sokokwakho.
Uma isayithi ye-Microsoft noma isevisi iqoqa ulwazi ngeminyaka, kuzovimba abasebenzisi abangaphansi kuka 13 noma bazocelwa ukuba banikezele ngemvume evela kumzali noma umqaphi ngaphambi kokuyisebenzisa. Angeke sicele ngamabomu abantwana abangaphansi kuka 13 ukuba banikezele ngemininingwane eminingi kunale edingekayo ukwethula isevisi.
Uma imvume inikiwe, i-akhawunti yengane iphathwa njenganoma iyiphi i-akhawunti. Ingane ingaba nokungena kumasevisi okuxhumana njenge imeyili, umyalezo osheshayo kanye nomyalezo wamabhodi aku-online futhi bangakwazi ukuxhumana ngokukhululekile nabanye abasebenzi beminyaka yonke.
Abazali bangashintsha noma basuse isivumelwano esenziwe ngaphambili, babheke,bese belungisa noma bacele ukuthi kucinywe imininingwane yezingane zabo. Isibonelo, ku- Windows Live, abazali bangavakashela ama-akhawunti abo, bese bechofa ku “Izimvume Zomzali”.
Izikhangiso eziningi eziku-online kwisayithi ye-Microsoft nesevisi ziveziwe ekukhangisweni kwe-Microsoft. Uma sikubonisa izikhangiso eziku-online, sibeka ama-cookies noma amaningi ukuze sobone ikompuyutha yakho uma siveza isikhangiso kuwe. Ngokuhamba kwesikhathi,singaqoqa imininingwane kumasayithi lapho sethula khona izikhangiso futhi sisebenzise imininingwane ukusiza yinikezele ngezikhangiso ezifanele.
Ungaketha ukuphuma ekutholeni intengiso ezibheke wena ezibuya kwabentengiso yakwa-Microsoft ngokuvakashela ikhasi lokuzikhipha.
Amaningi amawebhusayithi kanye namasevisi aku-online asekwe ukukhangisa.
Izintengiso eziningi ezikwikhasi le-Microsoft ziboniswa abazentengiso yakwa-Microsoft. Uma sikubonisa intengiso kwikhasi, sibeka ama-cookies noma eziningi kwi kompyutha yakho kuzo sikhone ukubona ikompuyutha yakho ngaso sonke isikhathi esikubonisa intengiso. Ngoba sikunikeza intengiso kwikhasi lethu le-web nakulawo wentengiso kanye nabalingani ethu, sikhona ukuhlanganisa imininingwane ngaphezu kwesikhathi ngenhlobo zamakhasi, imibhalo kanye iquka nawe, noma abanye abasebenzisa ikompuyutha yakho, evakashelwe noma eboniwe. Le mininingwane isetyenziselwa izinto eziningi, isiboniselo, isizisa ukuthi siqinisekise ukuthi awuboni intengiso efanayo ngaso sonke isikhathi. Sisebenzisa futhi iminningwane ukusisiza sikhethe bese sibonise intengiso ezikhethiwe esikholwa ukuthi yizinto ozithandayo.
Ungaketha ukuphuma ekutholeni intengiso ezibheke wena ezibuya kwabentengiso yakwa-Microsoft ngokuvakashela ikhasi lokuzikhipha. Ukuthola imininingwane egcwele nge-Microsft Advertising ikoleka bese isebenzisa imininingwane, sicela ufunde Isitatimende Sokokwayo Sokukhangisa sakwa-Microsft.
Sivumela ezinye inkampani zentengiso, iquka ezinye intengiso, ukubonisa intengiso kwikhasi lethu. Makungenzeka, lezinkampani zingabeka i-cookies kwi khompuyutha yakho. Lezi nkampani ziquka, kodwa aziphelelanga kwi: 24/7 Real Media, adblade, AdConion, AdFusion, Advertising.com, AppNexus, Bane Media, Brand.net, CasaleMedia, Collective Media, InMobi, Interclick, Jumptap, Millennial Media, Nugg.ad AG, Mobclix, Mojiva, SpecificMedia, Tribal Fusion, ValueClick, Where.com, Yahoo!, YuMe, Zumobi. Lezinkampani zingakunikeza ithuba lokuthi uphume kwi ntengiso ngokubheka kuma-cookies abo. Ungathola imininngwane agcwele ngokucofa kwigama lenkampani kwezinkampani zingaphezulu bese ulandele i-link kwikhasi le Web kwinkampani ganye. Eziningi kulezinkampani ngamalunga Network Advertising Initiative Initiative nomakwi-Digital Advertising Alliance, bonke bakunikeza indlela elula yokuphuma kwintengiso esuka kwinkampani ezikhona.
Ungamisa ukuthunyelwa kwe-imeyili kumasayithi akhangisayo namasevisi e-Microsoft ngokulandela imiyalelo ethile kule imeyili oyitholayo. Kuya ngaleyo naleyo sevisi, ungathola nethuba lokukhetha ngokuphelele ngokuthola ama-imeyili akhangisayo, ukukufonela,kanye nencwadi zeposi zamasayithi e-Microsoft namasevisi athile.
Uma uthola ama-imeyili akhangisayo kithi futhi uthanda ukuwamisa esikhathini esizayo, ungenza ngokulandela lemigudu elandelayo kulowo myalezo.
Ngokuhambisana naleyo misebenzi, ungathola nethuba lokukhetha ngokuphelele ngokuthola ama-email entengiso, ukukufonela,kanye nencwadi zeposi ezibuya kumanye amakheli we-Microsoft nemisebenzi ngokuvakashela nokuhalisela lamakhasi alandelayo:
Nomakunjalo, ungakhona ukuthinta u-Microsoft ngokusebenzisa ifomu yewebhu uma ufisa ukuyeka ukuthola i-imeyili ezikhangisayo. Lolukhetho aluquki intengiso ezibonakala kubuso bekheli: Sicela ubheke uhlelo lwe-“Display of Advertisng (opt-out)” kuze uthole imininingwane egcwele ngaloludaba. Futhi aziquki ekutholeni uxhulumano lwemisebenzi olufanele oluthathwa jengengxenye yeminye imisebenzi ye-Microsoft, ongayithola ngesikhathi ngaphandle okuthi ucele bakukhuphe.
I-akhawundi ye-Microsoft (ebibizwa nge-Windows Live ID ne-Microsoft Passport) iyisevisi ekuvumela ukuba ungene kwimikhiqizo ye-Microsoft, webhusayithi kanye nesevisi, kanye nabo bonke ophathini abakhethiwe be-Microsoft. Uma usungula i-akhawundi ye-Microsoft, sicela ukuba usinike imininingwane ethile. Uma ungena kwisayithi noma isevisi usebenzisa i-akhawunti ye-Microsoft, siqoqa imininingwane ethile ukuze siqinisekise ubuwe njenge ngxenye yesayithi noma isevisi, ukuvikela wena ekusebenziseni i-akhawunti ngobudlova, nokuvikela ukusebenza kahle kanye nokuphepha kwesevisi ye-akhawunti ye-Microsoft. Siyathumela futhi eminye imininingwane kusayithi noma isevisi oyisayindele nge-akhawunti yakho ye-Microsoft.
Ukubuka imininingwane eyengeziwe mayelana ne-akhawunti ye-Microsoft, kubandakanya nokuthi isungulwa kanjani nokuyisebenzisa i-akhawunti ye- iMicrosoft, uyilungisa kanjani imniningwane ye-akhawunti, nokuthi siyiqoqa siyisebenzise kanjani imininingwane ehambelana ne-akhawunti yeMicrosoft, uyacelwa chofa ku Azi kabanzi.
I-akhawundi ye-Microsoft (ebibizwa nge-Windows Live ID ne-Microsoft Passport) iyisevisi ekuvumela ukuba ungene kwimikhiqizo ye-Microsoft, webhusayithi kanye nesevisi, kanye nabo bonke ophathini abakhethiwe be-Microsoft. Lokhu kubandakanya imikhiqizo, amawebhusayithi kanye namasevisi njengalawa alandelayo:
Ukusungula i-akhawunti ye-Microsoft .
Ungasungula i-akhawunti yakho ngokunikezela nge-imeyili iphasiwedi yakho, nobunye “ubufakazi be-akhawunti” njenge-imeyili enye, inombolo yocingo, kanye nombuzo nempendulo eyimfihlo. Sizo sebenzisa “ubufakazi be-akhawunti” ukuphephisa kuphela- njengokuba, ukuqinisekisa ubuwena uma kungenzeka ungakwazi ukungena kwi-akhawunti ye- Microsoft futhi udinga usizo, noma ukuhlela kabush iphasiwedi yakho uma kungangeneki nge-imeyli ehlangene ne-akhawunti ye-Microsoft. Amanye amasevisi adinga kwengezwe ngokuphepha, futhi kulezo zinkathi ungabuzwa ukuba usungule ukhiye owengeziwe wokuphepha. I-imeyili nephasiwedi “izicucu” zokuqinisekisa uma ningena kwi-akhawunti ye-Microsoft ukunqinisekisa inethiwekhi. Kuqhubeka, I nombolo eqavile ye- 64-bit ID izosayindelwa kwizicucu zakho bese isebenza ngokubheka izicucu zakho kanye neminye imininingwane ehambisanayo.
Uma usungula i-akhawunti ye-Microsoft, sizokubusza futhi ukuba unikezela ngokulandelayo kwemininingwane yakho yobuzwe: ubulili; izwe; usuku lokuzalwa; kanye nekhodi yokuposa. Singalusebenzisa usuku lwakho lokuzalwa ukuqinisekisa ukuthi abantwana bathola imvume okuyiyo kubantwana noma abaqaphi ukusebenzisa i-akhawunti ye-Microsoft, njengokudingakala komthetho. Ekusebenziseni lemininingwane yobuzwe esetshenziswa ngezinhlelo zokukhangisa ukunikezela ngezikhangiso ezikufanele mayelana nemikhiqizo kanye namasevisi ongawathula esiza, kodwa izinhlelo zokukhangisa ngeke ziyithole imininingwane noma igama lakho. Ngamanye amazwi, ukukhangisa kwethu akaqukethe ukusetshenziswa kwemininingwane yomuntu nma ubuntu ngqo (njengamagama, i-imeyili kanye nenombolo yocingo). Uma ukhatha ukungatholi izikhangiso, ungabhalisa okuthandayo nge-akhawunti ye-Microsoft ngokuvakashela lelikhasiukuze noma nini ungena iwebhusayithi noma amasevisi nge-akhawunti ye-Microsoft, izinhlelo zokukhangisa ngeke wenze izikhangiso ezikhethiwe. Ukuthola imininingwane egcwele nge-Microsft Advertising ikoleka bese isebenzisa imininingwane, sicela ufunde isitswaliselo sentengiso esiyimfihlo sakwa-Microsft.
I-imeyili enikezelwe yi-Microsoft (njengezigcina ngo-live.com, hotmail.com,noma msn.com) noma i-imeyili eyethulwe yingxenye yesithathu (njengokugcina ngo-gmail.com noma yahoo.com) uma usayina nge-akhawunti ye-Microsoft.
Ekusunguleni i-akhawundi ye-Microsoft, sizokuthumela i-imeyili kuqinisekisa umnini we imeyili ehambisana ne-akhawunti ye-Microsoft. Lokhu kuqiniseka ubukhona be imeyili yakho ukusiza kuvimbeke ukusetshenziswa ngaphandle kwemvume yomnini. Emva kwalokho, sizo sebenzisa i-imeyili ukuthumela ukuxhumana mayelana nemikhiqizo ye -Microsoft kanye namasevisi agunyazwe umthetho. Imniningwane ngokuphatha irisidi lokuuxhumana ngokukhangisa, uyacelwa vakashela i-Communications.
Uma ufuna ukubhalisa i-akhawunti ye-Microsft bese uthola okunye isidalile izicucu nge imeyili njenge gama olisebenzisayo, ungasithinta bese ucela ukuthola igama elisha lokusebenzisa, ukuze usebenzisa i-imeyili uma wenza izicucu.
Sayina i-software, amasayithi noma amasevisi ne-akhawunti ye-Microsoft.
Uma usayina kwi sayithi noma kwisevisi usebenzisa i-akhawunti ye-Microsoft, siqoqa imininingwane ukuqinisekisa i-ID ngengxenye ye sayithi noma isevisi, ukuvikela i-akhawunti yesevisi ye-Microsoft. Makwenzeka, uma ungena kwisevisi ye-akhawunti uthola ufake izicucu kanye neminye imininingwane njenge 64-bit unique ID number ebekelwe izicucu zakho, i- IP address, i-web browser version kanye nesikhathi nosuku. Makwenzeka, uma usebenzisa i-akhawunti yakho ye-Microsoft ukungena kwithuluzi noma kwi-software efakiwe kwithuluzi, i-ID ehlukile izothunyelwa njenge ngxenye yezicucu zesevisi ye-akhawunti ye- Microsoft uma ungena ngoku landelana kwisayithi noma kwisevisi ye-akhawunti ye-Microsoft. Isevisi ye-akhawunti ye-Microsoft ithumela lemininingwane elandelayo kwisayithi noma kwisevisi le ongene kuyona: Inombolo ye-ID eyahlukile evumela isayithi noma isevisi ukuba iveze ukuba ungumuntu oyedwa kwi-sign-in session kuya kwenye;inumber ye-version ebekelwe i-akhawunti yakho (inombolo entsha ibekelwe njalo mawushintsha imininingwane yakho yokungena); noma i-imeyili isiqinisekisiwe; futhi i-akhawunti yakho isicinyiwe.
Ingxenye yamasayithi yesithathu kanye namasevisi akuvumela ukuba ungene nge-akhawunti ye-Microsoft edinga i-imeyili ukunikezela ngesevisi. Kwezinye izikhathi, uma ungena,I-Microsoft izonikezela i-imeyili yakho kodwa hhayi iphasiwedi yakho kwisayithi noma isevisi. Kodwake, uma usungule izicucu nesayithi noma isevisi, ingaba nokungena okulingene kwimininingwane enezicucu ukusiza iphasiwedi yakho noma ukunikezela ngamanye amasevisi okweseka.
Uma uthola i-akhawunti yakho kwingxenye yesithathu, njenge sikole, ibhizinisi, umethuli we-inthanethi, noma umabhalane we-domain ephethwe, leongxenye yesithathu ingaba namalungelo phezu kwe-akhawunti yakho ,kuhlanganisa nephasiwedi, buka ukusebenza kwe-akhawunti yakho noma idatha yephrofayela, funda noma gcina okuqukethwe kwi-akhawunti yakho bese ukhipha noma ukhansela i-akhawunti yakho. Kulezigcawu, umele ukulandela Isivumelwane Sesevisi ye-Microsoft kanye nemigomo esetshenzisiwe kwingxenye yesithathu. Ungumabhalane we-domain ephethwe futhi wenikezele kubasebenzi nama-akhawunti e-Microsoft, unejoka lakho konke okwenzekayo kwi-akhawunti enjalo.
Uyacelwa naka amasayithi namasevisi avumela wena ukuba ungene nge-akhawunti ye- Microsoft ingasebenzisa noma kwabelane nge imeyili noma ngeminye imininingwane yomuntu oyinikezele kubo njengoba kuchaziwe kwizitatimende sokokwakho. Kodwa-ke, bangabelana ngenombolo ye-ID eyahlukile enikezelwe kuwe nge-akhawunti wesevisi ye-Microsoft nengxenye yesithathu kuphela ukuze kugcwaliseke isevisi noma uhwebo ongabe ulicelile Wonke amasayithi noma amasevisi asebenzisa i-akhawunti ye-Microsoft iyadingeka ukuba ngabe iposele isitatimende sokokwakho, kodwa asiphethe noma asiqapheli imikhuba yokokwakho kulawo masayithi, kanye nemkhuba yokokwakho ingeyafana. Kumele ubhekisise ngokucophelela isitatimende sokokwakho sesayithi ngayinye oyisayindelayo ukuze ubone ukuthi isayithi ngayinye noma isevisi izoyisebenzisa kanjani imininingwane yakho eyiqoqayo.
Ungangena kwimininingwane yomuntu ngokuya kwi- akhawunti. Ungaphatha igama olisebenzisayo uma iakhawunti yakho ye-Microsoft ayitholakali kwidomain ephethwe. Ungashintsha iphasiwedi yakho, i-imeyili enye, inombolo yocingo, kanye nombuzo nempendulo eyimfihlo. ye-Microsoft ngokuya kwi-akhawunti, bese “uvala i-akhawunti yakho.” Iuma i-akhawunti yakho iphethwe kwi-domain, njengoba kuchaziwe ngenhla, kungaba nendlela ekhethekila ekuvaleni i-akhawunti yakho. Uyacelwa naka uma usebenzisa iP-MSN noma i-Windows Live, uma uya kwi akhawunti, ungasyiswa kwi akhawunti yalawo masayithi.
Imininingwane eminingi nge-akhawundi ye-Mocrosoft iyatholakala kwiwebhusayithi ye-akhawundi ye-Microsoft.
Funda kabanzi
Ngezansi uzothola imininingwane eyengeziwe onga (noma ongeke) uyithole ibalulekile. Okuningi kulokhu kuchaza imikhuba ejwayelekile esifuna uyazi kodw asiboni kunesidingo ukugqamisa kuzona zonke izitatimende zokokwakho. Futhi okunye kwalokhu kucacisa okusobala (isibonelo, sizodalula imininingwane uma umthetho iyidinga), kodwa abammeli bethi benza sikusho lokhu noma kunjalo. Uyacelwa gcina lokhu emqondweni wakho ukuthi lemininngwane akuyona incazelo egcwele yemikhuba yethu- lokhu isithasiselo kokunye, eminye eminingi imininingwane ethile equkethwe kwizitatimende zokokwakho zomkhiqizo ngamunye kanye nesevisi oyisebenzisayo.
Kuleli khasi:
Kwabelana noma Ukudalula Imininingwane Yomuntu
Ukwengeza ekwabeleni okuchaziwe kwisitatimende sokokwakho somkhiqizo noma isevisi oyisebenzisayo, i-Microsoft ingabelana noma idalule imininingwane yomuntu:
Singabuye sabelane noma sidalule imininingwane yomuntu, kubandakanya okuqukethwe kokuxhumana kwakho:
Uyacelwa qaphela ukuthi amasayithi ethu angabandakanya amalinki kumasayithi ezinhlangano zesithathu imikhuba yokokwabo angahluka kunalezo ze-Microsoft. Uma uthumela imininingwane yakho kunoma iyiphi isayithi, imininingwane yakho iphethwe izitatimende zokokwakho kulawo masayithi. Siyakugqugquzela ukuba ubhekisise isitatimende sokokwakho sesayithi oyivakashelayo.
Ukuvikela Ukuphepha kwemininingwane Yomuntu
i-Microsoft izinekela ekuvikeleni imininingwane yakho epheqelezu. Sisebenzisa inhlobo ezahlukile ze-technologies ezikhuselekile kanye nendlela ezisisiza sikhusele imininingwane yakho kungeno olungavumelekanga, ukusetyenziswa, nokuchazwa. Isiboniselo, sigcina imininigwane yakho epheqelezu esiyikoleka kwi-systems zekhompyutha ngokungena, ezibekwe kwindawo ebhekiwe. uma sihambisa imininingwane eyimfihlo(efana nenombolo yakho ye-credit card noma isikhiya sakho) kwi-Internet, siyayikhusela ngokusebenzisa i-encryption, efana ne Secure Socket Layer (SSL) protocol.
Uma isikhiya sisetyenziswa ukufikela ikheli lakho kanye neminingwane yakho, kungumsebenzi wakho ukuyigcina ingaziwa ngumuntu wonke ziyimfihlo. Ungabelani ngayo.. Uma usebenzisa ikhompuyutha yakho nomunye umuntu kufanele ucime ngaphambi kokuthi uphume kwikhasi noma imisebenzi ukuvikela ukuthi abantu bangatholi iminingwane yakho kubantu abayisebenzisayo..
Lapho imininingwane yakho igciniwe futhi isetshenziswa
Imininingwane Yomuntu ekolekwe e-Microsoft nakwimisebenzi ingagcinwa ilungiselelwe eMelika noma kwamanye amazwe lapho i-Microsoft nabalingani,aphangaphantsi noma abanikezi bemisebenzi bagcine ama-facilities. I-Microsoft ihambisana ne-safe harbor framework ehlelwe yi-U.S. Department of Commerce mayelana nokukoleka, sebenzisa futhi ukuphatha kwedatha ku-European Union, i-European Economic Area kanye ne-Switzerland.Ukufunda kabanzi nge-Safe Harbor framework kanye ne-Microsoft’s certification, uyacelwa vakashela http://www.export.gov/safeharbor/.
I-Microsoft ingagcina imininingwane yakho ngezizathu eziningi ezithile, njengokuhambisana nomthetho, ukulungisa izingxabano, ukugcizelela izivumelwano, futhi kumele ukunikezela isevisi. Ukufunda ukuthi ungena kanjani kwimininingwane yakho, vakashela Accessing Your Information.
Utshintsho kwisitatmende semfihlo
sizohlala silungisa lesistatmende semfihlo kuze sibonakaliso utshintsho kwimisebenzi kanye noxhulumano lwethu namakhasmende. Uma sifaka utshintsho kulesiStatmende, sibonisa i-date yalesi “ sesikhathi esindlulile” phezulu kulesistatmende. Uma kunotshintsho kwimpahla ezikulesistatmende noma kwindlela u-Microsoft asebenzisa ngayo imininingwane yakho ephecelezu, sizokwazisa ngokubhala incwadi yolutshintsho ngaphambi kokuthi silwenze lolutshintsho noma ngokukuthumela incwadi echazayo. Siyakukhuthaza ukuba njalomubhekisise izitatimende zokokwakho zemikhiqizo kanye namasevisi owaswbwnzisayo ukufunda ukuthi i-Microsoft iyivikela kanjani imininingwane yakho.
I-TRUSTe Certification kanye Nokugcizelelwa Kwezitatimende Zethu Zokokwakho
i-TRUSTe Certification u-Microsoft unikezwe imbasa ye-TRUSTe’s Privacy Seal ebonisa ukuthi lesisitatmende semfihlo kanye nemisebenzi yethu ibhekiwe ngabakwa TRUSTe kuze babone ukuthi sihambiselana nemiyalelo ye-program ye-TRUSTe okuquka ukungafihli,ukwethembeka nokukhetha malunga nokukoleka nokusetyenziswa kwemininingwane epheqelezu. i-TRUSTe program ayivikeli imininingwane ekolekwe kuma-downloadable software. Umsebenzi we-TRUSTe, njengenkampani ezimele, kukuqinisa ukuthembana phakathi kwamakhasmende kunye nenkampani mhlaba wonke ngokusebenzisa i-trustmark yemfihlo nama-innovative trust solutions.
Uma unemibuzo mayelana nezinye yezitatimende zakokwayo, kumele uthintane nathi kuqala ngokusebenzisa ifomu lewebhu. Uma singazi noma ukubheka udaba lwakho, kumele uthintane ne- TRUSTe. i-TRUSTe izosebenza njengommeli kunye ne-Microsoft kuze baxazulule inkinga yakho.
Uma unemibuzo mayelana
I-Microsoft Privacy, Microsoft Corporation, One Microsoft Way, Redmond, Washington 98052 USA
Ukuthola umphathi we-Microsoft kwilizwe noma ingingqi yakho, yiya ku http://www.microsoft.com/worldwide/.
Ukuphepha kokuqalisa izilokotho ngawedwa ze-FTC
ekhaya
Trustworthy Computing