Office

    Office 2003 Service Pack 3 (SP3) for Language Interface Pack

    Shintsha Ulimi
    I-Office 2003 Service Pack 3 for Language Interface Pack ikuhlinzeka ngezivuseleli zamuva ze-Office 2003 Language Interface Pack.
    • Uhlelo:

      1

      Igama Lefayela:

      LIP2003SP3-KB923649-FullFile-ZUL.exe

      Usuku Ekhishwe Ngalo:

      17-09-2007

      Usayizi Wefayela:

      6.1 MB

      Ama-Athikili eKnowledge Base (KB) KB923649

        I-Microsoft® Office 2003 Service Pack 3 (SP3) for Language Interface Pack imelela inguquko enkulu kwezokuphepha ye-Microsoft Office 2003. Iphinde inike i-Office 2003 Language Interface Pack amandla okumelana nabahlaseli bayo kanye nabasongeli bokuphepha kwayo. Le service pack ihlanganisa futhi izinhlelo zokulungisa eziye zakhishwa ngaphambilini njengezivuseleli ezizimele ze-Office 2003 Language Interface Pack.

        Ungase uthole ukwaziswa okuthile ngalesi sivuseleli kwi-athikili ye-Microsoft Knowledge Base (923649): Incazelo ye-Office 2003 Service Pack 3 for Language Interface Pack.

        Okufakiwe kule Service Pack
        Le servica pack ihlanganisa izivuseleli ezintsha eziphawulekayo. Le service pack ihlanganisa futhi nezivuseleli eziye zakhululwa ngaphambilini ze-Office 2003 Multilingual User Interface Pack:
    • Ama-Operating System Asekelwe:

      Windows 2000 Service Pack 3, Windows Server 2003 Service Pack 1, Windows Vista, Windows XP Service Pack 2

        Lesi sivuseleli sisebenza kulolu hlelo olulandelayo:
        • Microsoft® Office 2003 Language Interface Pack

      • Phawula: Abaqondisi kufanele babhekisele engxenyeni ethi Imithombo yokwaziswa yabaqondisi.

        Iziqondiso zokufakwa kohlelo
        Ukuze ufake lolu hlelo lokuvuselela, landela lezi ziqondiso:
        1. Phaka enye yamafayela e-.exe ngokuchofoza amalinki ngezansi kwaleli khasi, bese ugcina ifayela kugalaza wakho (hard disk drive).
        2. Kutuswa ukuba uvale noma iziphi izinhlelo omatasa ngazo.
        3. Kwi-Windows Explorer, chofoza kabili ifayela ethi .exe oyigcinile kugalaza wakho (hard disk drive), bese ulandela iziqondiso esibonisini sakho.
        I-Office 2003 SP3 for Language Interface Pack izofakwa ngisho noma uhlelo lokuvuselela amafayela olutholakalela umphakathi selufakiwe ekhompuyutheni yakho.

        Izinhlelo eziphakiwe zalolu hlelo lokuvuselela zingaphansi kwengxenye engezansi ethi Amafayela Kulokhu Okuphakiwe.

        Lapho usebenzisa eminye imikhiqizo yakwa-Microsoft Office
        Ukuze uthole ukusebenza okuphelele kwe-Office 2003 SP3, kuzodingeka ukuba ufake kokubili kwalokhu okulandelayo:
        • I-Office 2003 SP3 for Language Interface Pack (lolu hlelo oluphakiwe)
        • Office 2003 SP3

        Uma usebenzisa le mikhiqizo elandelayo yakwa-Microsoft Office, situsa ukuba uthole ama-service pack amuva:
        Uma usebenzisa i-Office Communicator 2005, kufanele uphume kwi-Office Communicator ngaphambi kokuba ufake i-Office 2003 SP3 for Language Interface Pack. Uma ungaphumi kwi-Communicator, kuzodingeka ukuba uvule kabusha ikhompuyutha yakho ngemva kokufaka i-Office 2003 SP3 for Language Interface Pack. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-athikili ethi-Microsoft Knowledge Base (905726): Ngokungalindelekile uqhutshezelwa ukuba uqale kabusha ikhompuyutha yakho ngemva kokufaka i-service pack yokuvuselela i-Office.

        Ukuze ususe lokhu okuphakile
        Alukho uhlelo olwenzelwe ukususa lokhu okuphakiwe. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-athikili ethi-Microsoft Knowledge Base (873125): Ngeke ukwazi ukususa ama-service pack emikhiqizo ye-Office 2003.

        Imithombo yokwaziswa yabaqondisi
        Abaqondisi abasebenza ezimweni ezilawulwayo bangathola imithombo yokwaziswa ephelele yokusebenzisa izinhlelo zokuvuselela i-Office enhlanganiweni engxenyeni ethi Office 2003 Resource Kit.

        Lapho uchofoza kabili iphakheji evulekayo, ukufakwa kohlelo kuyaqaliswa. Ukuze ukhiphe amafayela okuchibiyela (.msp files), kumelwe usebenzise ulayini wekhomandi. The command line and instructions are included in the Knowledge Base article (197147): Command-Line Switches For IExpress Software Update Packages.

        Bheka i-athikili ethi Microsoft Knowledge Base (923649): Incazelo ye-Office 2003 Service Pack 3 for Language Interface Pack ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngalesi sivuseleli.

    Amafayela Alandwayo Athandwa Kakhulu

    Loading your results, please wait...

    Izibuyekezo ze-PC zamahhala

    • Amapheshi okuphepha
    • Izibuyekezo zesofthiwe
    • Amaphakethe esevisi
    • Amadrayiva ehadiwe