1. Ubumfihlo Bakho. Ubumfihlo bakho bubalulekile kithi. Sicela ufunde Isitatimende Sobumfihlo Se-Microsoft, ("Isitatimende Sobumfihlo") esichaza izinhlobo zedatha esiyiqongelelayo kuwe nakumadivayisi akho ("Idatha"), ukuthi siyisebenzisa kanjani Idatha yakho, kanye nezisekelo zomthetho esinazo zokucubungula Idatha yakho. Isitatimende Sobumfihlo sichaza nendlela i-Microsoft ekusebenzisa ngayo okuqukethwe kwakho, okuwukuxhumana kwakho nabanye; izinto ozithumela ku-Microsoft usebenzisa Amasevisi; kanye namafayela, izithombe, amadokhumenti, umsindo, imisebenzi yedijithali, ukusakaza bukhoma namavidiyo owalayishayo, owagcinayo, owasakazayo nowabelana ngawo ngamaSevisi ("Okuqukethwe Kwakho"). Esimweni lapho ukucubungula kusekelwe emvumweni futhi ngokwezinga elivunyelwe umthetho, ngokwamukela Imibandela, uyavuma ukuthi i-Microsoft iqongelele, isebenzise futhi idalule Okuqukethwe Kwakho Nedatha njengoba kuchazwa eSitatimendeni Sobumfihlo. Ezimweni ezithile, sizokhipha isaziso esihlukile futhi sicele imvume yakho njengoba kushiwo eSitatimendeni Sobumfihlo.
2. Okuqukethwe Kwakho. Amasevisi ethu amaningi akuvumela ukuthi ugcine futhi wabelane Ngokuqukethwe Kwakho noma uthole izinto ezivela kwabanye. Asizibizi abanikazi Bokuqukethwe Kwakho. Okuqukethwe Kwakho kuhlala kungoKuqukethwe Kwakho futhi nguwe onomthwalo ngakho.
3. Imithetho Yokuziphatha.
4. Ukusebenzisa Amasevisi Nokwesekwa.
5. Ukusebenzisa Izinhlelo Namasevisi Enkampani Eseceleni. Amasevisi akuvumela ukuthi uvule noma uthole imikhiqizo, amasevisi, amawebhusayithi, amalinki, okuqukethwe, izinto, amageyimu, amakhono, ukuxutshwa, ama-bots noma izinhlelo ezivela ezinkampanini eziseceleni ezizimele (izinkampani noma abantu abangeyona i-Microsoft) ("Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni"). Amasevisi ethu amaningi akusiza nokuthi uthole, ufake izicelo, noa usebenzise Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni noma zikuvumela ukuthi wabelana ngokuQukethwe Kwakho noma Idatha, futhi uyaqonda ukuthi utshela Amasevisi ethu ukuthi akunikeze Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni. Lezi Zinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni zingakuvumela nokuthi ugcine Okuqukethwe Kwakho noma Idatha kumshicileli, umhlinzeki noma u-opharetha weZinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni. Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni zingakunika inqubomgomo yobumfihlo noma zifune ukuthi wamukele eminye imigomo ngaphambi kokuthi ufake noma usebenzise Uhlelo noma Isevisi yenkampani Eseceleni. Bheka ingxenye 13(b) ukuthola eminye imigomo yezinhlelo ezitholwa nge-Office Store, i-Xbox Store noma i-Windows Store. Kufanele ubuyekeze noma yimiphi eminye imigomo nezinqubomgomo zobumfihlo ngaphambi kokuthola, ukucela noma ukuxhumanisa i-Akhawunti yakho ye-Microsoft nanoma yiziphi Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni. Noma yimiphi eminye imigomo ayiyishintshi le Migomo. I-Microsoft ayikhiphi ilayisensi nganoma iyiphi impahla eqanjiwe eza kuwe njengengxenye yeZinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni. Uyavuma ukuthwala zonke izingcuphe nomthwalo ovela ngenxa yokusebenzisa kwakho Izinhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni nokuthi i-Microsoft ayinawo umthwalo nganoma yiziphi izinkinga ezivela ngenxa yokuzisebenzisa kwakho. I-Microsoft ayinasibopho noma ayinacala kuwe noma kwabanye ngenxa yolwazi noma amasevisi ahlinzekwa yiziNhlelo Namasevisi Ezinkampani Eziseceleni.
6. Ukutholakala Kwesevisi.
7. Izibuyekezo Zamasevisi noma Isofthiwe, Nokushintshwa Kwale Migomo.
8. Ilayisensi Yesofthiwe. Ngaphandle uma kunesivumelwano esihlukile selayisensi ye-Microsoft (ngokwesibonelo, uma usebenzisa uhlelo lwe-Microsoft olufakwe futhi oluyingxenye ye-Windows, khona-ke Imigomo Yelayisensi Yesofthiwe ye-Microsoft ye-Windows Operating System ibusa isofthiwe enjalo), noma iyiphi isofthiwe esikunika yona njengengxenye yamaSevisi ingaphansi kwale Mibandela. Izinhlelo ezitholwe nge-Office Store, nge-Windows Store nange-Xbox Store zingaphansi kwesigaba 13(b)(i) ngezansi.
9. Imigomo Yokukhokha. Uma uthenga Isevisi, khona-ke le migomo yokukhokha isebenza kokuthengayo futhi uvumelana nayo.
10. Ibhizinisi Elinesivumelwano, Ukukhetha Umthetho, Kanye Nendawo Yokuxazulula Izingxabano. Uma usebenzisa Amasevisi amahhala nakhokhelwano e-Skype, wenza isivumelwano ne-Microsoft, futhi noma imaphi amarefurensi e-"Microsoft" kule Migomo kusho i-Skype Communications S.à.r.l, 23 – 29 Rives de Clausen, L-2165 Luxembourg. Kumasevisi amahhala noma akhokhelwayo amakhasimende anombhalo we-Skype, umthetho waseLuxembourg ulawula ukuchazwa kwale Migomo nezimangalo eziphathelene nokwephulwa kwayo, kungakhathaliseki ukungqubuzana kwezimiso zomthetho. Imithetho yesifundazwe noma izwe ohlala kulo ibusa zonke ezinye izimangalo (kuhlanganise ukuvikelwa kwamakhasimende, ukuncintisana okungafanele, kanye nezimangalo zokwephulwa komthetho). Uma wamukele le Migomo ngokuvula i-akhawunti ye-Skype noma ngokusebenzisa i-Skype, wena kanye nathi sivumelana ngokungenakuguqulwa negunya eliphelele nendawo yezinkantolo zaseLuxembourg zazo zonke izingxabano ezivela ngenxa yale Migomo noma ezihlobene nayo noma Amasevisi amakhasimende anegama le-Skype. Kuwo wonke amanye Amasevisi, uma wamukele le Migomo ngokuvula i-akhawunti ye-Microsoft noma ngokusebenzisa nanoma iyiphi enye Isevisi, ibhizinisi owenza nalo isivumelwano, umthetho ophethe, kanye nendawo yokuxazulula izingxabano kuvela ngezansi:
Imithetho yabathengi yezwe lakini ingase ifune ukuthi imithetho ethile yezwe iphathe noma ikunike ilungelo lokuxazulula izingxabano kwesinye isithangami naphezu kwale Migomo. Uma kunjalo, umthetho okhethwayo nesithangami esitholakalayo engxenyeni 10 sisebenza ngokwezinga elivunyelwe yimithetho yabathengi yezwe lakini.
11. Amawaranti.
12. Umthwalo Wecala Olinganiselwe.
13. Imigomo Eqondene Namasevisi. Imigomo engaphambi nangemva kwengxenye 13 isebenza kuwo wonke Amasevisi. Le ngxenye iqukethe imigomo eqondene namasevisi ethasisela emigomweni evamile. Le migomo eqondene namasevisi ibusa uma kukhona ukungqubuzana nemigomo evamile.
14. Okuhlukahlukene. Le ngxenye, kanye nezingxenye 1, 9 (yamanani atholwe ngaphambi kokuphela kwale Migomo), 10, 11, 12, 15, 17 kanye nalezo ezinemigomo esebenza ngemva kokuphela kwale Migomo zizoqhubeka zikhona ngisho noma kunqanyulwa noma kukhanselwa le Migomo. Ngokwezinga elivunyelwe umthetho osebenzayo, singaba le Migomo, sikhiphe izivumelwano ngaphansi kwezibopho zethu kule Migomo, noma sikhiphe ilayisensi yamalungelo ethu ngaphansi kwale Migomo, ephelele noma eyingxenye, nganoma yisiphi isikhathi ngaphandle kokukwazisa. Akufanele wabe le Migomo noma udlulisele noma yimaphi amalungelo okusebenzisa Amasevisi. Lesi yisivumelwano esiphelele phakathi kwakho ne-Microsoft sokusebenzisa Amasevisi. Sengamela noma yiziphi izivumelwano zangaphambili phakathi kwakho ne-Microsoft mayelana nokusebenzisa Amasevisi. Uma ungena kule Migomo, awuncikile kunoma yisiphi isitatimende, ubufakazi, isiqinisekiso, ukuqonda, umsebenzi, isithembiso noma isiqinisekiso ngaphandle kwalezo ezichazwe ngokucacile kule Migomo. Zonke izingxenye zale Migomo zisebenza ngezinga eliphelele elivunyelwa umthetho othintekayo. Uma inkantolo noma umlawuli ethi asikwazi ukusebenzisa ingxenye yale Migomo njengoba ibhaliwe, singakhetha ukushintsha leyo migomo sifake imigomo efanayo ngokwezinga elingagcizelelwa ngaphansi komthetho ofanele, kodwa ingxenye esele yale Migomo ngeke ishintshe. Le Migomo ihloselwe ukuzuzisa wena kanye nathi kuphela. Le Migomo ayihloselwe ukuzuzisa noma imuphi omunye umuntu, ngaphandle kwabalandela i-Microsoft ngesikhundla nababelwe. Izihlokwana zezingxenye ezezikhombo kuphela futhi azinawo umthelela wezomthetho.
15. Izimangalo Kufanele Zifayelwe Ungakapheli Unyaka Owodwa. Noma yisiphi isimangalo esihlobene nale Migomo noma Amasevisi kufanele sifayelwe enkantolo (noma kumlamuli uma kusebenza ingxenye 10(d)) ungakapheli unyaka kusukela ngosuku ongasifaka ngalo isimangalo sokuqala, ngaphandle uma umthetho udinga isikhathi esithe xaxa ukuze kufayelwe izimangalo. Uma singafakwanga phakathi naleso sikhathi, khona-ke siyonqandwa unomphela.
16. Imithetho Yokuthumela Izinto Ngaphandle. Kufanele uhambisane nayo yonke imithetho yezwe neyangaphandle nezimiso zokuthunyelwa kwezimpahla ezithinta isofthiwe kanye/noma Amasevisi, ezihlanganisa imigoqo yezindawo okuthunyelwa kuzo, abasebenzisi, nendlela okuzosetshenziswa ngayo. ukuthola ulwazi oluthe xaxa ngezindawo nemigoqo yokuthunyelwa kwezimpahla, vakashela ku-https://go.microsoft.com/fwlink/?linkid=868968 naku-https://www.microsoft.com/exporting.
17. Ukugodlwa Kwamalungelo Nezimvo. Ngaphandle kwalapho kushiwo ngokuqondile kule Migomo, i-Microsoft ayikuniki ilayisensi nanoma imaphi amanye amalungelo anoma iluphi uhlobo ngaphansi kwezinto ezisunguliwe, ulwazi, amalungelo okukopisha, izimfihlo zohwebo, izimpawu zohwebo nanoma iyiphi enye impahla yobuchule engeye-Microsoft noma elawulwa yiyo noma elinye ibhizinisi elihlobene nayo, kubandakanye kodwa kungagcini nganoma iliphi igama, uhlu lwezohwebo, ilogo noma izinto ezifana nayo. Uma unika i-Microsoft umbono othile, isihlongozo, isiphakamiso noma uvo, kubandakanye kodwa kungagcini emiqondweni yemikhiqizo emisha, ubuchwepheshe, amaphromoshini, amagama emikhiqizo, izimvo ngemikhiqizo nokuthuthukiswa kwemikhiqizo ("Izimvo"), unikeza i-Microsoft, ngaphandle kwenhlawulo, izinzuzo noma ezinye izibopho kuwe, ilungelo lokwenza, lokuthi kwenziwe, lokwakha izinto ezisuselwa kule mikhiqizo, ukusebenzisa, ukwabelana nokudayisa Izimvo zakho nganoma iyiphi indlela noma injongo. Ngeke unikeze Izimvu ezingaphansi kwelayisensi ezidinga ukuthi i-Microsoft ikhiphe ilayisensi yesofthiwe, ubuchwepheshe noma izincwadi eziya enkampanini eseceleni ngoba i-Microsoft ifake Izimvo zakho kuzo.
Izaziso nenqubo yokwenza izimangalo zokwephulwa kwamalungelo empahla eqanjiwe. I-Microsoft iyawahlonipha amalungelo abantu abaseceleni ezimpahla eziqanjiwe. Uma ufisa ukuthumela isaziso sokwephulwa kwelungelo lempahla eqanjiwe, kubandakanye ukwephulwa kwelungelo lokukopisha, sicela usebenzise izinqubo zethu zokuthumela Izaziso Zokwephulwa Komthetho. YIMIBUZO EPHATHELENE NALE NQUBO KUPHELA EZOPHENDULWA.
I-Microsoft isebenzisa izinqubo ezichazwe eSiphakamisweni 17, se-United States Code, Isigaba 512 ukuphendula izaziso zokwephulwa kwamalungelo okukopisha. Ezimweni ezifanele, i-Microsoft ingavimba noma inqamule ama-akhawunti abasebenzisi bamasevisi e-Microsoft abaphula umthetho ngokuphindaphindiwe.
Izaziso nezinqubo eziphathelene namalungelo empahla eqanjiwe ezikhangisweni. Sicela ubuyekeze Iziqondiso Zempahla Eqanjiwe mayelana nezinkinga zempahla eqanjiwe kunethiwekhi yethu yokukhangisa.
Izaziso zelungelo lokukopisha nezimpawu zohwebo. Amasevisi ayilungelo lokukopisha © 2018 Microsoft Corporation kanye/noma abaphakeli bayo, One Microsoft Way, Redmond, WA 98052, U.S.A. Wonke amalungelo agodliwe. I-Microsoft kanye namagama, amalogo, nezithonjana zemikhiqizo, isofthiwe, namasevisi e-Microsoft ingaba yizimpawu zohwebo noma izimpawu zohwebo ezibhalisiwe ze-Microsoft e-United States kanye/noma kwamanye amazwe. Amagama angempela ezinkampani nemikhiqizo kungenzeka iyizimpawu zohwebo zabanikazi bayo. Noma imaphi amalungelo anikezwa ngokuqondile kule Migomo agodliwe. Isofthiwe ethile esetshenziswa kumaseva athile amawebhusayithi e-Microsoft isekelwe ngokwengxenye emsebenzini we-Independent JPEG Group. Copyright © 1991-1996 Thomas G. Lane. Wonke amalungelo agodliwe. Isofthiwe ye-"gnuplot" esetshenziswa kumaseva athile amawebhusayithi e-Microsoft inelungelo lokukopisha elithi © 1986‑1993 Thomas Williams, Colin Kelley. Wonke amalungelo agodliwe.
Isaziso sezokwelapha. I-Microsoft ayinikezi izeluleko zezokwelapha nanoma ikuphi okunye ukunakekelwa kwezempilo, ukuhlonzwa kwezifo noma ukwelashwa kwazo. Njalo cela izeluleko zikadokotela wakho noma omunye umhlinzeki wokunakekelwa kwezempilo oneziqu nganoma imiphi imibuzo onayo mayelana nesimo sezokwelapha, ukudla, ukuqina komzimba noma inhlalakahle. Ungalokothi uzibe iseluleko sezokwelapha sochwepheshe noma uzindele ekusifuneni ngenxa yolwazi oluthole ngamaSevisi.
Izingcaphuno zezitokwe nenkomba yedatha (kubandakanye nanamani ezinkomba). © 2013 Morningstar, Inc. Wonke Amalungelo Agodliwe. Ulwazi oluqukethwe lapha: (1) luyimpahla ye-Morningstar kanye/noma abahlinzeki bayo bokuqukethwe; (2) alunakukopishwa noma lusakazwe; futhi (3) alunasiqinisekiso sokuthi lunembile, luphelele noma luhambisana nesikhathi. I-Morningstar noma abahlinzeki bayo bokuqukethwe abanawo umthwalo ngomonakalo noma ukulahlekelwa okuvela ngokusebenzisa noma iluphi kulolu lwazi. Okwenziwe esikhathi esidlule akusona isiqinisekiso semiphumela yesikhathi esizayo.
Awunakusebenzisa ama-Dow Jones IndexSM, idatha yezinkomba, noma izinkomba ze-Dow Jones ngokuphathelene nokubhekisela, ukudalwa, uxhaso, ukuhweba, ukukhangisa, noma ukuphromotha noma yimaphi amathuluzi ezimali noma imikhiqizo yokutshalwa kwezimali (ngokwesibonelo, izinto ezitholakalayo, imikhiqizo ehleliwe, utshalo-zimali, izimali zokuhwebelana, izimfanelo zotshalo-zimali, njll., uma inani, imbuyiselo kanye/noma ukusebenza kwethuluzi noma umkhiqizo wotshalo-zimali usekelwe, uhlobene, noma uhloselwe ukulandelela noma yiziphi Izinkomba noma iphroksi yoma yiziphi Izinkomba) ngaphandle kwesivumelwano esibhalwe phansi ne-Dow Jones.
Isaziso zezimali. I-Microsoft ayiwona umshwalense/umhwebi noma umeluleki wotshalo-zimali obhalisiwe ngaphansi kwemithetho yezibambiso yase-United States noma imithetho yezibambiso yezinye izigungu zomthetho futhi ayibeluleki abantu ngotshalo-zimali, ukuthenga, noma ukuthengisa izibambiso noma eminye imikhiqizo noma amasevisi ezezimali. Akukho okuqukethwe kumaSevisi okuyisithembiso noma ukukhankasa ukuthenga noma ukuthengisa izibambiso ezithile. I-Microsoft noma abakhiphi bamalayisensi ayo bezingcaphuno zesitokwe noma idatha yezinkomba abaqinisekisi noma bancome imikhiqizo noma amasevisi athile ezezimali. Akukho okukula maSevisi okuhloselwe ukuba yizeluleko zobuchwepheshe, kubandakanye kodwa kungagcini nje, kutshalo-zimali noma izeluleko zezentela.
Isaziso mayelana ne-H.264/AVC, MPEG-4 Visual, ne-VC-1 Video Standards. Isofthiwe ingahlanganisa i-H.264/AVC, MPEG-4 Visual kanye/noma ubuchwepheshe bekhodekhi ye-VC-1 enelayisensi ye-MPEG LA, L.L.C. Lobu buchwepheshe buwuhlobo lwedatha efingqiwe yolwazi lwamavidiyo. I-MPEG LA, L.L.C. idinga lesi saziso:
LO MKHIQIZO UNELAYISENSI NGAPHANSI KWE-H.264/AVC, MPEG-4 VISUAL, KANYE NAMALAYISENSI EPHOTHIFOLIYO YOKUQAMBA YE-VC-1 UKUZE ISETSHENZISWE YIKHASIMENDE NJENGOMUNTU SIQU FUTHI HHAYI NGENJONGO YEZENTENGISO UKUZE (A) LIHLELE IVIDIYO NGOKUVUMELANA NEMITHETHO ("IMITHETHO YAMAVIDIYO") KANYE/NOMA (B) UKUCAZA I-H.264/AVC, MPEG-4 VISUAL, NEVIDIYO YE-VC-1 EHLANGANISWE YIKHASIMENDE ELENZA OKUTHILE KOMUNTU SIQU NOKUNGEKHONA OKWENTENGISO KANYE/NOMA OKUTHOLWE KUMHLINZEKI WAMAVIDIYO ONEMVUME YOKUNIKEZA IVIDIYO ENJALO. AYIKHO KULA MALAYISENSI EDLULELA KOMUNYE UMKHIQIZO KUNGAKHATHALISEKI UKUTHI UMKHIQIZO ONJALO UFAKIWE NALE SOFTHIWE ESIHLOKWENI ESISODWA. AYIKHO ILAYISENSI ENIKEZWA NOMA EHLOSELWE NOMA IKUPHI OKUNYE UKUSETSHENZISWA. ULWAZI OLUTHE XAXA LUNGATHOLAKALA KU-MPEG LA, L.L.C. BHEKA IWEBHUSAYITHI YE-MPEG LA.
Ukuze sicacise, lesi saziso asilinganiseli noma sivimbe ukusetshenziswa kwesofthiwe ehlinzekwa ngaphansi kwale Migomo eqondene ngqo nalelo bhizinisi engahlanganisi (i) ukusakazwa kabusha kwesofthiwe kumabhizinisi aseceleni, noma (ii) ukwenziwa kwezinto ngobuchwepheshe be-VIDEO STANDARDS ehambisana nokusakazwa kumabhizinisi aseceleni.
IMIGOMO YOKUSEBENZA KWELAYISENSI OKUVAMILE
ISITOLO SE-MICROSOFT ISITOLO, ISITOLO SE-WINDOWS STORE, NESITOLO SE-XBOX
Le migomo yelayisensi iyisivumelwano phakathi kwakho nomshicileli wohlelo. Sicela uyifunde. Asebenza kuzinhlelo zesofthiwe oyilanda kusuka esitolo se-Microsoft Store, Isitolo se-Windows noma Isitolo se-Xbox (ngakunye kubhekisiwe emigomeni yelayisense ngengokuthi "Isitolo"), kufaka phakathi izibuyekezo noma okusekelayo kohlelo, ngaphandle kokuthi uhlelo loze nemigomo ehlukile, lapho leyo migomo izosebenza.
NGOKULANA NOMA UKUSEBENZISA UHLELO, NOMA UKUZAMA UKWENZA NOMA YINI KWALOKHU, WAMUKELA LE MIGOMO. UMA UNGAYAMUKELI, AWUNALO ILUNGELO LOKULANDA FUTHI AKUFANELE ULANDE NOMA USEBENZISE UHLELO.
Umshicileli walolu hlelo usho ilayisensi lebhizinisi uhlelo kuwe, njengoba kukhonjwe kokuthi Isitolo.
Uma uhambisana nale migomo yelayisensi, unamalungelo angezansi.
Lo mkhawulo usebenza:
Lokhu kuyasebenza ngisho noma:
Imikhiqizo elandelayo, izinhlelo namasevisi zihlanganiswa ngaphansi kweSivumelwano Samasevisi Se-Microsoft, kodwa zingase zingatholakali ukuthi uzithenge.